Nguwen' obengimcela kumdali wam'
Mangikhuleka ngingedwa
Ngicel' uthathe isandla sami
Unginik' uqobo lwakho
Kuze kube 'ngunaphakade
[Chorus]
Naphakade (x2)
Ngifun' ukuba nawe namhlanje
Kuze kube ingunaphakade
Kuze kube ngunaphakade
Sengimtholil' engizohlala naye
Ngakh' impilo naye ngimthokozise
Wena uyintokozo yami
Uyisipho esihle empilweni yam'
Ivulekil' inhliziyo yami
Oh manje sengiholwa nguthando
Ngikunika lonke ithemba lami
Oh akukh' ukungabaza
Ngingowakho ngunaphakade
[Chorus]
Naphakade (x2)
Ngifun' ukuba nawe namhlanje
Kuze kube ingunaphakade
Ngifun' ukuba nawe ngoba
Ngibonga ngalo lol' uthando ongipha lona
Ngibonga nangenhlonipho ongibonisa yona
Ngibonga nangegama lakho ongipha lona
Lona, lona
[Chorus] (x3)
Naphakade (x2)
Ngifun' ukuba nawe namhlanje
Kuze kube ingunaphakade
Ngifun' ukuba nawe phakade